Top News Hub

Top News Hub

Menu

IZINDABA (ISIZULU)

Ungqongqoshe Omusha WezeziMali kwaZulu Natal Uqala Ngokuqinisa Ukulwa Nobubha Nosizo Ezinganeni

Hlengiwe Mdlalose 

KwaZulu-Natal, 20 Julayi 2024 - Ungqongqoshe omusha wezeziMali KwaZulu-Natal, uMnuz Francois Rodgers, useqalile ukukhombisa ukuzibophezela kwakhe ekusebenzisaneni nezinhlangano ezingekho ngaphansi kukahulumeni ukulwa nobubha, ukuntuleka kwemisebenzi, nokungalingani emiphakathini. 

USuku Lomhlaba lukaNelson Mandela oludumile, olubanjwa mhla ziyi-18 kuNtulikazi minyaka yonke okubuye kube wusuku lokuzalwa kwakhe uDkt Nelson Mandela, belugujwa ngaphansi kwesiqubulo esithi: “Kusezandleni zethu ukulwa nobubha nokungalingani,” kusho uNgqongqoshe uRodgers. Uthi ubefuna ukwenza umehluko omncane empilweni yezingane ezihlwempu ngalolu suku. “Ngokuhambisana nendikimba, ukulwa nobubha, ukuntuleka kwemisebenzi, nokungalingani kungaliwa ngamagalelo esiwenzayo ezindlini nasezinhlanganweni ezisebenzisana nohulumeni wethu ukulwa nalesi sihlava. Siyafisa ukubona isimo lapho imiphakathi ibuthana khona kulezi zikhungo ngoba zibamba elikhulu iqhaza ekwakhiweni kabusha kwemiphakathi yethu,” usho kanje.

URodgers uhole ithimba elakhiwe ngamakhansela endawo, izikhulu zoMnyango woMgcinimafa kanye nowezoThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal kanye namavolontiya omphakathi waku-ward 3 eKokstad. Uhlu lwemisebenzi yakhe luhlanganisa ukupenda kocingo nezindonga zesakhiwo ngaphakathi nangaphandle kanye neminikelo ehlukahlukene. IHome of Comfort ihlalisa izingane ezingu-56 eziphuma emakhaya ezinezinselelo ezahlukene esifundeni iHarry Gwala, ezineminyaka esuka kwengu-2 kuya kwengu-18 ubudala.

USihlalo weBhodi leHome of Comfort, uMnu Lulamile Mehlomakhulu, uthe uSuku lwabo lukaMandela lwenziwe lwaba olukhethekile ngokuvakasha kukaNgqongqoshe wezeziMali. “Sithanda ukubonga uMnyango woMgcinimafa eKZN ngeqhaza labo. Umnikelo abasinikeze wona wawufaneleka kakhulu futhi wawufunwa kakhulu yiKhaya Lenduduzo. NjengeKhaya Lenduduzo, singenza leli khaya libe ntofontofo futhi libe wusizo kuphela lapho abantu abaningi abanezinhliziyo ezivumayo besisiza ngazo zonke izinto ezincane abanazo,” usho kanje.

IMarshaltown Fire Justice Campaign Igxeka Ukuqhubeka Kokugodlwa Kwezidumbu Zemililo Yosindiso

Hlengiwe Mdlalose 

Johannesburg, 20 Julayi 2024 - IMarshaltown Fire Justice Campaign isikugxeke kakhulu ukuqhubeka nokugodlwa kwezidumbu zabashone ngesikhathi somlilo wosindiso, osekuncishe imindeni yabo ithuba lokuzingcwabela ngendlela efanele isikhathi esingangonyaka manje."Kuyadabukisa kakhulu futhi akwamukelekile ukuthi imindeni ehlaselwe yile nhlekelele yenqatshelwe ukuvalwa kanye nelungelo lomuntu eliyisisekelo lokulilela abathandekayo bayo".

Ukugodlwa kwemizimba yabathandekayo babo akugcini nje ukwandisa usizi lwemindeni kodwa futhi kwenezela usizi nokuhlukumezeka okungadingekile phakathi nesikhathi esivele sinzima. Sicela uphiko lwe-Gauteng Forensic Pathology Services kanye noMnyango Wezempilo waseGauteng ukuthi usheshise ukuhlolwa kolibofuzo ukuze kutholakale izidumbu zezisulu. Imindeni akufanele ilinde isikhathi esingaphezu konyaka ukuze ingcwabe abathandekayo bayo!

IMarshaltown Fire Justice Campaign ibe isinxusa iziphathimandla ezibhekelele ukuthi zikhulule izidumbu zabashonile ziyiswe emindenini yazo. Lokhu kubambezeleka akuthetheleleki futhi kwephula isithunzi namalungelo abo bobabili abashonile nemindeni yabo ekhalayo. Wonke umuntu ufanelwe ukuvaleliswa okunesithunzi, futhi umndeni ngamunye ufanelwe ithuba lokubeka obathandayo ngenhlonipho nangokwamasiko nenkolo yabo.

Sinxusa iziphathimandla ukuba zisukume ngokushesha nangokuzwelana ukuze kuxazululwe lolu daba futhi zivumele imindeni ukuthi iqhubeke namalungiselelo omngcwabo adingekayo. Imicabango yethu isalele kubobonke abathintwe umlilo wosindiso. Umkhankaso Wobulungiswa Bomlilo waseMarshaltown ume ebunyeni nemindeni ekufuneni ubulungiswa.

I-SAFTU IKHALA NGENHLEKELELE YENGOZI YABAFUNDI ABAYI-11 NOMSHAYELI

Hlengiwe Mdlalose | 12 July 2024

iSouth African Federation of Trade Unions (SAFTU) ishaqekile ngengozi yomgwaqo edlule nemiphefumulo yabafundi abangu-11 besikole samabanga aphansi kanye nomshayeli wesithuthi endaweni yaseKokosi-Wedela kuMasipala Wendawo iMerafong City ngoLwesithathu.

Ingozi le yenzeke ngesikhathi ikhumbi abebehamba ngalo lishayisana neveni elimhlophe lohlobo lweFord Ranger, okudale ukuthi imoto igingqike yabe isiqhamuka amalangabi. Kule ngozi kushone abafundi baseRockland Primary School naseLaerskool Blyvooruitsig.

"Sinxusa abashayeli bezimoto ukuthi bahlale beqaphile futhi behlise isivinini, ikakhulukazi ngezikhathi zasekuseni uma bethutha izingane zesikole. Lokhu kulahlekelwa kwemiphefumulo kabuhlungu kuveza ukubaluleka kokuphepha emgwaqeni. Ngaphandle kokweluleka othisha ezikoleni ezithintekayo, sicela uhulumeni ukuthi aphinde anikeze imindeni yabashonelwe ukwelulekwa ngokomqondo futhi asheshise uhlelo lokuhlonza izidumbu njengoba izidumbu zasha ngendlela enzima. Ukunikeza induduzo kubazali abasosizini phakathi nalesi sikhathi esingabekezeleleki kubalulekile"kunaba isitayimende seSAFTU.

 I-SAFTU ibe isidlulisa amazwi enduduzo emindenini nezihlobo zalabo abalahlekelwe izimpilo zabo kule ngozi enyantisayo. 

Isitatimende sikhishwe nguNobhala Jikelele weSAFTU, uZwelinzima Vavi

Imikhuleko Yokulwa Nezinkinga Ezihungethe Umphakathi Iqhutshelwa e-Embo nase-Kwangcolosi

Gcino Mkhize | 09 July 2024

Selokhu kwabanezibhelu ngo-2021, ukuthula, ukubekezelelana kanjalo nokubambisana akuphindanga kwaba khona emphakathini. Intsha yaseNingizimu Afrika yaphelelwa onembeza, yangena ezidakamizweni, yagxila ophuzweni oludakayo.

Abasunguli benhlangano engenzi nzuzo iCompanitive Prayer Movement, uNtokozo Nxumalo kanjalo noSboniso Zuma, benza imikhuleko endaweni yase-Embo kanjalo nase-Kwangcolosi.

USboniso Zuma echaza ngale mikhuleko uthe: "Njengoba le mikhuleko iyenzeka kathathu ngonyaka, lena yesihlanu njengoba nyakenye yayenzeka ngo-February, June kanjalo neyokuphela konyaka ngasekupheleni konyaka. Le mikhuleko yesibili kulonyaka iqale ngomhlaka 3-5 July 2023 njengoba sekungosuku lokugcina namhlanje (Friday). Ngale mikhuleko sihlose ukulwisana nezinto ezikhathaza umphakathi njengokusetshenziswa kwezikhali endaweni ngenhloso yokubulalana, izidakamizwa etsheni, ukungasebenzi kwentsha, uphuzo oludakayo kanjalo nokubuyisa unembeza ebantwini," kusho uZuma.

UZuma uphinde wabonga abantu ngendlela abayeseke ngayo le mikhuleko, bakhombisa ukukhathazeka ngesimo esisemphakathini. Ubonge nabefundisi ebebeyingxenye yalomkhuleko, okubalwa uMfundisi uNdlovu kwaNdengezi, uMfundisi uDuma eMaritzburg kanjalo noRathebe eGoli.

UZuma uphethe ngelokuthi uyafisa yonke iminyango kaHulumeni (SAPS) kanjalo nabaholi bomphakathi basondele ukuze kuliwe nazinkinga ezihungethe umphakathi ngezindlela zonke. Wagcizelela kwelokuthi kubalulekile ukuhlanganisa amadoda ukuze kukhulunywe ngezinkinga ezibhekene namadoda futhi kukhuliswe abafana abasakhula ngendlela efanele.

I-DA KZN Yamukela Isinqumo SikaMEC Meyer Sokwehlisa Ukusetshenziswa Kwemali Budlabha

UNgqongqoshe uMartin Meyer ememezela izinyathelo zokunciphisa ukusetshenziswa kwemali budlabha kwezinto ezingenasidingo.

UNgqongqoshe uMartin Meyer ememezela izinyathelo zokunciphisa ukusetshenziswa kwemali budlabha kwezinto ezingenasidingo.

Hlengiwe Mdlalose | 09 July 2024

The Democratic Alliance KwaZulu-Natal isamukele ngazo zombili isinqumo sikaNgqongqoshe osanda kuqokwa wezeMisebenzi yoMphakathi kanye neNgqalasizinda uMartin Meyer sokunciphisa ukusetshenziswa kwemali budlabha ezintweni ezingenasidingo - okuhlanganisa izikhwama zezimpahla zezivakashi nosopolitiki, kanye namabhodi amasha ezikhangiso - ngokuhamba kwesikhathi.

Lokhu kuze kufike ohlelweni lwesabelomali sesifundazwe. Lesi simemezelo, esiyisitatimende somnyango ekhishwe ngasekupheleni kwesonto eledlule, sihambisana nekhwelo likaNdunankulu waKwaZulu-Natal, uThami Ntuli, lokuqinisekisa ukuthi lonke iRandi lisetshenziselwa abantu besifundazwe.

Isinqumo sika-MEC Meyer sikhombisa ukuzinikela okuqinile kulokhu ngenkathi evuma ubunzima obungaphansi kwesabelomali sesifundazwe njengamanje.

Bavuka bazithatha emveni kokusinda kwizikhukhula.

Gcino Mkhize | 08 July 2024

Umndeni wakwa Ndaba eMolweni eMgababa emveni kokusinda kwizikhukhula bavuka bazithatha bayobonguthixo ngokuthi benze okuthile emphakathini, unyaka ophelile basungule inhlangano engenzi Nzuzo I New Hope foundation ngenhloso yokuthii baqongelele ekutheni babuyisele emphakathini.

Nyakofile basungule umqhudelwano wozime (modeling/pageant) Ngenhloso yokukhuthaza itsha yama Ntombazana Nokubafundisa ukuthi bakhule bazi ukuthi kuyabelwana ngonakho emphakathini, njengoba kyekuthi makuphela umqhudelwano Bavakashele indawo eyihlukene, ngokodlule baya kovakashela ikhaya leyintandandana(orphanage home) bephethe okudliwayo kanjalo nezingubo zokugqoka, "lokhu kuyindlela yokuthii bafunde ukunikela njengoba ngesikhathi seykhukhula abantabaninngi babedinga ukunikelelwa kodwa bebancana abantu abanenhlizyo yokupha kodwa mangase sibafundise bebancana ukupha kuyokwehlisa isimo sobubha emphakathini, ubesephetha ngelokuthi Vemelani abantwana bezekimi ngokuba umbuso wezulu ungowabo"

I-DA ifuna izincazelo mayelana nemali engu-R9 million ekhokhelwe izindlu zangasese ezingasebenzi

Hlengiwe Mdlalose | 06 July 2024

I-DA eThekwini ifuna izincazelo ezicacile kuMenenja yeDolobha, uMusa Mbhele, mayelana nemali engu-R9 million ekhokhelwe inkampani ezimele ehlinzeka ngezindlu zangasese ezingasebenzi,kanye namashawa kwenye yezindawo zokukhosela edolobheni.

Umbiko wakamuva uveze ukuthi inkampani iMsaly Trading ikhokhiswa u-R250 000 ngenyanga ngokuhlinzeka ngezindlu zangasese ezingu-12 namashawa. Nokho, uphenyo lweGround Up luveze ukuthi angu-8 kuphela amashawa afakiwe, futhi awekho kuwo asebenzayo noma axhumene nokuhlinzekwa kwamanzi.

Kutholakale ukuthi ngaphansi kwenkontileka kamasipala, iMsaly Trading bekufanele ihlinzeke ngezindlu zangasese ezingama-20 ezindaweni ezimbili zokukhosela eThekwini – iMolyneux Road shelter kanye neDurban Station. Nokho, iningi lalawa mabhilidi awasetshenziswa. 

Okunye okuvelile wukuthi inkontileka yalolu hlelo yakhishwa ngaphansi kwemibandela yokukhululwa kweNational Treasury Covid-19 State of Disaster ngo-2020. Lokhu kuvumela omasipala ukuba banikeze izinkontileka zezimo eziphuthumayo ngaphandle kokulandela izinqubo ezijwayelekile zamathenda.

I-DA ithe lokhu kuwuphulwa komthetho Wokuphathwa Kwezimali zikamasipala kanye nenqubomgomo yokuphathwa kokuthengwa kwempahla. Lokhu kulandela isicelo seNhloko yoHlelo lwamaDolobha avikelekile, uMartin Xaba, sokuthi kugunyazwe u-R2,5 million ozokhokhelwa iMsaly Trading phakathi kuka-April 2022 noJanuwari 2023, naphezu kokuthi kucacile ukuthi inani lemali likhulu kakhulu uma kuqhathaniswa nokwenzekile.

I-DA ithe ayikwazi ukuhlala ingenzi lutho ngesikhathi kusetshenziswa imali esobala futhi ewubudlabha

Usihlalo we-Action SA KWAZULU-NATAL uZwakele Mncwango.

Usihlalo we-Action SA KWAZULU-NATAL uZwakele Mncwango.

Hlengiwe Mdlalose | 02 July 2024

Incwadi ebheke kungqongqoshe•Leli qembu selithumele incwadi ngokusemthethweni kuNgqongqoshe wezeMfundo, uMnuz Sipho Hlomuka, mayelana nodaba olushaqisayo lokungakhokhelwa kweNational School Nutrition Programme (NSNP) Service Providers Association ezinyangeni ezintathu ezedlule. "Lesi simo sikhathaza kakhulu njengoba kulindeleke ukuthi kuvulwe izikole ngesonto elizayo, kanti likhulu itwetwe lokuthi abafundi bazokuthola yini ukudla ngenxa yalezi zinselelo ezingakaxazululeki."

Inhlekelele Ye-NSNP Ka-April 2023•Umholi we-ActionSA KwaZulu-Natal, uZwakele Mncwango, uthi encwadini yabo banxuse uNgqongqoshe ukuba aqinisekise isifundazwe ukuthi ngeke sikubone kuphindeka inhlekelele ye-NSNP eyenzeka ngo-April 2023."Lokhu kwehluleka kwangaphambilini kwashiya izingane ezingaphezu kwezigidi ezimbili zingadlile ngenxa yobudedengu boMnyango wezeMfundo ekuqinisekiseni ukulethwa kokudla ezikoleni", kusho uMncwango.

Izitatimende Ze-NSNP Service Providers Association•"Ngaphezu kwalokho, sikhathazeke kakhulu ngesitatimende sabezindaba sakamuva esivela ku-NSNP Service Providers Association, esiveze ukuthi: 'Ukwehluleka komnyango ukubhekana nezindaba ezithinta imenyu kanye nokulungiswa kwentengo yempahla, ikakhulukazi ngenxa yenkinga yentengo yokudla kuzwelonke, akwamukelekile.' Ngenxa yalokhu, siye sacela uNgqongqoshe ukuba asho izindlela uMnyango ozisebenzisayo ukubhekana nalezi zinkinga ezibucayi."

Ukuphazamiseka Kohlelo Lokudla•Leli qembu libe selinxusa uMnyango ukuthi usebenze ngokushesha nangempumelelo ukuze uvimbele okunye ukuphazamiseka ohlelweni lokudla okunempilo.

Isivumelwano Senkontileka Ne-Pacina Retail Pty (LTD)•"Siphinde sifune ukucaciselwa ngesimo sesivumelwano senkontileka ne-Pacina Retail Pty (LTD), okuyisici esibalulekile ekuweni kwangaphambilini kokudla okunomsoco," kuphetha uMncwango.

UMQHELE WAMAKHOSI UVUSELELA USIKO NOKUBUMBANA KOMPHAKATHI

Gcino Mkhize | 02 July 2024

Inhlangano engenzi nzuzo, i-UMQHELE WAMAKHOSI Foundation, ithe izimisele kakhulu ukuguqula isimo setsha emphakathini waseMbo kanye nakwaNgcolosi jikelele. Inhloso yabo ukufaka ugqozi abantu abasha, ivuselele namakhono omdabu ngomculo wesintu, ibhola, izinkondlo, njalonjalo.

Ngonyaka ophelile ka-2023, baba nemicimbi emibili yokuvuselela isintu noku qhakambisa amakhosi. Mhla zingama-27 kuMbasa 2023 benza umcimbi wokuqala eMbo ku-ward 8, kwathi ngomhlaka-30 kuMandulo 2023 benza omunye phansi kweNkosi uNgcolosi endaweni yaseMgababa emolweni ku-ward 9.

Basebenza umqhudelwano webhola lezinyawo (soccer) owahlanganisa amaqembu aseMbo kanye nezasondelene neMbo mhla ziyi-16 kuNhlangulana 2023. Kulonyaka, baphinde benza lo mqhudelwano, bakhuphula kakhulu izinga ngokuthi babe khona nababezo bheka abadlali (scouts). Kwaba nabadlali abayisikhombisa abadonsa amehlo kuma-scouts.

USihlalo walenhlangano engenzi nzuzo, uSandile Zuma, uthe abagcini ngokubheka uhlangothi lwetsha kodwa bayabheka nangasohlangothi lokuvuselela amasiko. "Kule micimbi yomqhele wamakhosi, savakashela oNdabezitha ababili, uNdabezitha BF Bhengu oyinkosi yakwaNgcolosi noNdabezitha uDZ Mkhize oyinkosi yaseMbo. Lamakhosi asamukela ngezandla zombili," kusho uZuma.

Lelnhlangano iveze ukuthi ifisa kakhulu ukuthola uxhaso nokulekelelwa njengoba ingumnyango okhulayo.ine minyaka emibili nje kuphela yasungulwa.

Lenhlangano ivakashele izintombi zoMhlanga endaweni yakwaNgcolosi, lapho bebeyozibonga futhi bezikhuthaza ukuthi ziqhubeke nokuhlolwa. Abomqhele babesebebanika izeluleko zempilo kanye namathuba akhona, bagcizelela kakhulu ekufundeleni amakhono emakolishi (college).

UNgqongqoshe Buthelezi Ugcizelela Ukuthula NokuBambisana KwaZulu-Natal eMthandazweni Waminyaka Yonke eKwaCeza

Hlengiwe Mdlalose | 01 July 2024

UNgqongqoshe woMnyango weZokubusa nokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal,uThulasizwe Buthelezi, ugcizelele ukubaluleka kokuthula nokuzinza kwesifundazwe ngesikhathi kubanjwe umthandazo oba minyaka KwaCeza, kumasipala waseZululand.

 Lomkhuleko ububanjwe ngeSonto Kanti kuwona kuphinde kwahlonishwa ukhokho weSilo uMisuzulu kaZwelithini,inkosi uDinuzulu.

UNgqongqoshe Buthelezi uthi lomkhuleko ebalulekile ngoba uqondene nesikhathi sikahulumenu omusha esifundazweni ikwaZuluNatal wobumbano nokuyinto abantu abaningi abasazama ukuzijwayeza yona.

"Lo mkhuleko ungumlando omkhulu, uhambisana nendawo engcwele. Ubalulekile ekuthuleni nasekuthuthukiseni izimpilo zabantu basesifundazweni," kusho uButhelezi.

Umcimbi lo uphinde wagqamisa imihlatshelo eyenziwa ngamakhosi namaqhawe ukuvikela izwe ekuhlaselweni kwasebukoloni. Izinhlaka ezahlukene, okubalwa amaKhosi, iZinduna, namabutho, bezikhona ukuzokhuleka kanye nokuhlonipha lo mkhuleko wesifundazwe.

Cookie settings
X
This site uses cookies to offer you a better browsing experience.
You can accept them all, or choose the kinds of cookies you are happy to allow.
Privacy settings
Choose which cookies you wish to allow while you browse this website. Please note that some cookies cannot be turned off, because without them the website would not function.
Essential
To prevent spam this site uses Google Recaptcha in its contact forms.

This site may also use cookies for ecommerce and payment systems which are essential for the website to function properly.
Google Services
This site uses cookies from Google to access data such as the pages you visit and your IP address. Google services on this website may include:

- Google Maps
Data Driven
This site may use cookies to record visitor behavior, monitor ad conversions, and create audiences, including from:

- Google Analytics
- Google Ads conversion tracking
- Facebook (Meta Pixel)